
Amathuba omsebenzi iChery izakhela kuleli izimoto zayo
IChery isiqalile ukushintsha indlela engena ngayo emakethe yezimoto e-Afrika, njengoba seyibheka ukukhiqiza izimoto kuleli zwekazi.
NgoJulayi, iChery yathenga ifemu yakudala yakwaNissan eseRosslyn, ngasePitoli.
Le nkampani ihlela ukukhiqiza khona izimoto ezisebenzisa ugesi nezezinjini ezihlanganisa ugesi nophethiloli.
Izimoto zeJetour nazo kulindeleke ukuthi zakhiwe kuyo le ndawo.
Lesi sinyathelo sikhombisa ukuthi izinkampani zaseChina azisafuni ukuthembela kuphela ekuthumeleni izimoto e-Afrika.
Zifuna ukuzakhela khona eduze kwabathengi okuzokwakha amathuba emisebenzi, kuphinde kwehlise nentengo yazo.
INingizimu Afrika isivele inamandla embonini yezimoto. I-BAIC inefemu eGqeberha, kanti iGreat Wall Motor nayo inemisebenzi yokuhlanganisa izimoto nokusabalalisa izingxenye.
Ochwepheshe bathi iNingizimu Afrika, Morocco, Kenya, Ethiopia neGhana ziphakathi kwamazwe angazuza kakhulu kulolu tshalomali.
Ukukhiqizwa kwezimoto kuleli zwekazi kungase kwehlise amanani ngokugwema ezinye izindleko zokungenisa izimoto.

Kungadala namathuba emisebenzi futhi kusheshise ukwakhiwa kweziteshi zokushaja.
I-Afrika nayo ibhekwa njengemakethe enkulu yezimoto zikagesi ngenxa yokwanda kwabantu, nesidingo sezimoto ezingabizi.
I-Ethiopia isivele ivimbele ukungeniswa kwezimoto ezisebenzisa uphethiloli nodizili, yakhuthaza ukukhiqizwa kwezimoto zikagesi.
- OLUNYE UDABA: Kuboshelwe izibabuli zabaculi kwabazonandisa kumaSama
INingizimu Afrika yona inikeza izikhuthazo kubatshalizimali abafuna ukukhiqiza izimoto zikagesi nezisebenzisa i-hydrogen.
Nokho, ochwepheshe bathi ugesi othembekile, ingqalasizinda yokushaja nezinqubomgomo ezizinzile kuzobaluleka ukuze i-Afrika ibe yisizinda esikhulu sokukhiqiza izimoto.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
