
Kuboshelwe izibabuli zabaculi kwabazonandisa kumaSama
Abathandi bomculo bangazilungiselela ubumnandi njengoba kuboshelwe izinkakha zabaculu kwabazonandisa kumaSouth African Music Awards (Sama).
Lo mcimbi osubhekwe ngabomvu uzoba seSun City Superbowl eNorth West ngoMgqibelo ka-Agasti 15.
Le ndumezulu yomcimbi yenzeka minyaka yonke futhi uhlelwa yiRecording Industry of South Africa (RiSA).
Kulokhu uzobe ugubha iminyaka engu-32 wasungulwa futhi uklomelisa amaciko avelele emculweni wakuleli.
Ngaphandle kwalaba baculi, kuzophinde kunandise uCassper Nyovest, uBabalwa M, uLordkez, uStoan, uShandesh, uTuks Senganga, uLanga Mavuso nabanye abaningi.
UCassper ngeke agcine ngokucula kuphela njengoba ezophinde abambe iqhaza ekwethuleni lo mcimbi noZanele Potelwa.
Ekhuluma neSolezwe, uDladla Mshunqisi uthe izethameli zingalindela into yamehlo.
“Ngizobe ngicula bukhoma. Yikho becele ukuthi ngifike ngoLwesine, ukuze siqale ukuzilungiselela,” kusho yena.
Okhulumela ama-Sama, u-Unathi Gwija, uthe lo mcimbi uzobe ugubha izingwazi zomculo nokwethula kwezihlabani ezintsha embonini.
“Sijabule ngokwamukela abathandi bomculo abaqhamuka ezweni jikelele nangaphandle kwakuleli.
“Bazobona okuzoba wumcimbi wamaSouth African Music Awards abangasoze bawukhohlwa ezimpilweni zabo,” kusho uGwija.
OLUNYE UDABA: UMalema uzifake zaphelela kuMac G, uthi udunga intsha
Ama-Sama azosakazwa bukhoma kuSABC1 kusukela ngo-8 ebusuku, kanti kulindeleke ubukwe yizigidi njengenhlalayenza.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
