AbalingisiEzintsha

UMapaseka Koetle ubuya ngowomshado ngemuva kwedivosi

Kusaphele izinsuku ezimbalwa kuvele izindaba zokuthi umlingisi odumile u-Mapaseka Koetle usehlukene nomyeni wakhe ngemva kweminyaka beshadile, usebuyela kumabonakude ngomdlalo okhombisa impilo yomshado iNyala O.

Okuheha kakhulu wukuthi kulo mdlalo uMapaseka udlala owesifazane obhekene nezinkinga ezinzima emshadweni wakhe, okuyinto abaningi abathi ifana nempilo yakhe yangempela.

Lo mdlalo uqale kuleli sonto kuMzansi Magic. Uzodlala njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo-7 kusihlwa.

U-Mapaseka Koetle ulingisa indawo kaKea, owesifazane okholwa ukuthi uthole umshado wamaphupho. 

Kodwa impilo yakhe iyaguquka ngesikhathi kuvela ukukhashelwa, izingxabano namaqiniso abuhlungu ashintsha yonke into.

Kulo mdlalo udlala nabalingisi abadumile okubalwa kubo uTsholo Matshaba noCindy Mahlangu. 

Bobathathu badlala abesifazane ababhekene nezinselelo zothando, imali, ukuxolelana nokwakha kabusha izimpilo zabo.

INyala O ilandisa ngempilo yabesifazane abathathu abafunda ukuthi ukusho uthi “Ngiyavuma” kwakuyisiqalo nje, njengoba impi yangempela iqala ngemva komshado.

Njengoba u-Mapaseka Koetle engena kule ndima ngesikhathi impilo yakhe yomshado isanda kushintsha, amehlo abaningi azobe ebheke ukuthi uzoyidlala kanjani le ndima ethinta izihloko ezisondele kulokho abhekane nakho empilweni yangempela.