
UPearl noLungile baveza izindawo ezishibhile ongazivakashela kuleli
Njengoba izindleko zokuphila ziqhubeka nokukhuphuka, abaningi eNingizimu Afrika sebebona ukuzikhipha bayoshaywa umoya njengento yomntakabani kuphela.
Kodwa uhlelo olusha lukamabonakude, i-Just Travel SA, luphakamisa umbono ohlukile: ukuzikhipha ubone izwe lakho kungenzeka ngaphandle kokuchitha imali eningi.
Lolu chungechunge luneziqephu eziyisishiyagalolunye, kanti luphethwe uPearl Thusi noLungile Radu.
I-Just Travel SA izohambela zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye, kuvele izindawo ezahlukene nezinto ezenziwayo yizivakashi kuzo ngamanani ahlukene.
Uhlelo luqala kuSABC1 ngoMsombuluko, mhla ka-26 kuMfumfu, ngo-6 ntambama, kanti isiqephu ngasinye siyimizuzu engu-24.
Isiqephu ngasinye sihambisana nomuntu wendawo ozokwethula umoya wangempela wakuleso sizinda noma isifundazwe.
Uhlelo luhlukanisa ukusetshenziswa kwemali ngezigaba ezintathu: iSmart Budget (kuze kufike ku-R1,050 ngosuku), iFlexi Budget (kuze kufike ku-R1,250 ngosuku), neLuxury Budget (ngaphezu kuka-R1,250 ngosuku).
Lokhu kuhloswe ngakho ukukhombisa ukuthi indlela okhetha ngayo ukuchitha imali ingashintsha uhambo lwakho ngaphandle kokulahla injabulo.
UPearl Thusi uthe lolu hambo lumvule amehlo: “Ngicabanga ukuthi sikubukela phansi esinakho eNingizimu Afrika.
“Okungimangazile ukuthi kuningi kangakanani ongakwenza lapha ekhaya, futhi kungabizi.”
ULungile Radu naye wengeze ngokuthi inani langempela alikho embhedeni noma ekudleni kuphela, kodwa “ekuhlanganeni nabantu, ukuzwa izindaba zabo, nokuzibonela ngamehlo indawo abahlala kuyo.”
Izifundazwe ezizovela zihlanganisa iFree State noMapaseka Koetle, iLimpopo noClement Maosa, neKwaZulu-Natal noSweet Guluva.
Lolu hlelo luxhaswe yiTourism Business Council of South Africa (TBCSA) ngokubambisana neTourism Marketing South Africa (TOMSA).
U-Tshifhiwa Tshivhengwa we-TBCSA uthe ukuvakasha kwasekhaya kusekela amabhizinisi, imiphakathi nemisebenzi,
UThulisile Nhlapo weSABC1 yena uthe luzogqugquzela abantu ukuthi baphinde baxhumane nezwe labo.
