Izimoto

Zidinga iqhathanzipho izihlalo zeDzire

Emuva kwezinsuku eziyisikhombisa ngivivinya iSuzuki Dzire eyethulwe ngokusemtthethweni eNingizimu Afrika maphakathi noMeyi, ayikho into ebengiyiqaphele ukwedlula ukugwema ukungcola kwezihlalo zayo. 

Phela iDzire esithole ithuba layo iphuma nezihlalo ezikhilummi ezibamba ukugcola ngendlela engakholeki. 

Okungifikele ukuthi empeleni kumele ube ngumuntu osanonwana uma uhamba ngale moto ngenxa nje yezihlalo zayo.

Ikakhulukazi kimina njengomuntu  onezingane into yokuqala engiyaye ngiyiqaphele emotweni izihlalo. 

Ngithi ncinci kamdoli uma inezihlalo ezimnyama.Kuba yibhonasi uma kuze kwaba ngezesikhumba ngoba ukungcola ukuzwa ngendaba.

 Angifuni ukungasho ukuthi izihlalo zeSuzuki Dzire zithe ukuwehlisa mbijana umuzwa nelukuluku lale moto. 

Eqinisweni elimsulwa a kukuningi ongakhala ngakho kwiDzire ngoba lena esithole ithuba lokuyivivinya ngelanga lokwethulwa kwayo yohlobo lwe GL+ liphuma ne cruise control okuyinto eyenza yehluke kwiSwift.

Isiteringi esiqukethe okuningi okulawula imoto, itouchscreen engu 7 inch engiyibone ikahle futhi ihambisana nezinga lemoto.

Bese kuba isikhala esikahle sokulayisha impahla nebhuthi engu 378 litres. 

smart

Isikhala sebhuthi sikwazile ukulayisha amapotimende amathathu ezingane zesikole kwajika kwasala esinye isikhala. 

Lokho nje kukodwa kuyikhipha phambili iDzire ikakhulukazi kulabo abazoyithengela ukwenza imisebenzi enjengokuthutha abantu abasuke benempahla.

Engikuqaphlile ukuthi iyonga kuphethroli ngoba ngebanga lika 100km icaphuna kuphela amalitha angu 4 kuya ku 5 kaphethroli kuye ngokuthi uyinyathela kanjani. 

Amagiya ngiwathole ezingenela kalula ngoba nalapho kunezindawo eziyimimango akukho lapho inswinyeka khona. 

Ukuba umncanyana kuyayilekelela ukuchusha kalula nalapho besigeja khona umzila bekulula ukujika ngokushesha ngaphandle kokuphazamisa abanye abashayeli

Ungayididanisi neyakwabo iSwift

Ngaphambi kokugeqa amagula sengathi ngiyemuka angikusho zisuka amadaka ukuthi iSuzuki Dzire akuyona iSuzuki Swift kodwa ezomndeni owodwa. 

Okuyenza isondelane neSwift ukuthi zisebenzisa injini efanayo engu 1.2 litre 3 cylinder ekhiqiza amandla afinyelela ku 60kW netorque engu 112Nm. 

IDzire ingane endala yakwaSuzuki okusuka ngo 2014 yethulwa emakethe eNingizimu Afrika. 

smart

KwaSuzuki Auto South Africa kubonakala besazimisele ngokunika abathengi omunye umuzwa wale moto njengoba sebethe ukulinyusa izinga ngohlobo olusha. 

Akusona isigaba esinedumela lesi ekuso iDzire ngoba cishe akuhlangani ngisho isandla uma ungabala izimoto ezikulesi sigaba ezinesinqe. 

Lapho ikhiqizwa khona eNdiya yethulwa okokuqala ngo 2008. Isidle umhlangano ngokuba yimoto edayiswa kakhulu kulesi sigaba (India’s best selling compact sedan). 

Lokho kufakazelwa nawukuthi kuze kube yimanje sekudayiswe iSuzuki Dzire efinyelela ku 3 million emhlabeni jikelele. 

Yethulwa nje phakathi kuka 2014 no 2017 kwaSuzuki badayisa amaDzire angu 1 231 kuleli. 

Lena eyethulwa eNingizimu Afrika emcimbini obubanjelwe eGoodmans Gallery eGoli isingeyesizukulwane sesithathu. 

Imbangi enkulu yayo iHonda Amaze neHyundai Grand i10 Sedan ngiyayibona nje iKia Pegas ephikwa izibalo.

Umuntu weCompact Design

Le Suzuki Dzire entsha angeke nangengozi wayifanisa neyedlule ngoba konke okuqukethwe kuyo kusha ceke. 

Yize incanyana njengoba bethi yicompact sedan kodwa akuyona imoto ongathi eyabantu abasesigabeni esithile sempilo. 

Lokhu kubonakala nangesibalo samaDzire emgwaqeni nabanikazi abahlukahlukene ngeminyaka nangezinga. 

Iphuma nescreen esisha okuyi touchscreen ngaphambili, ikhamera ekukhombisayo uma uhlehla, icruise control, wireless carplay, izibuko ezisebenza ngogesi. 

Bayishintshe kakhulu kunalena endala, ushinto olukhulu lungaphandle. Kusuka kumalambu angaphambili akake uphawu lweSuzuki phakathi nendawo. 

Ngemuva kunamalambu eLED okuyinika lowo muzwa wokubukeka njengemoto eyi sporty.

Amasondo angu 15 inch ahambisana nerimu lakhona elimnyama nalo elizishaya sa sporty. 

Imibala eyisikhombisa bayixube ngendlela kusuka ku-Alluring Blue Pearl Metallic, Gallant Red Pearl Metallic, Nutmeg Brown Pearl Metallic, Arctic White Pearl, Splendid Silver Pearl Metallic, Magma Gray Metallic kuya kuBluish Black Pearl. 

smart

Intengo

Iphuma newarranty yeminyaka emihlanu okanye ibanga lika-200 000km  kanye ne-service plan yeminyaka eine okanye ibanga lika-60 000km

Suzuki Dzire 1.2 GA 5MTR 224 900
Suzuki DZire 1.2 GL+ 5MTR 246 900
Suzuki DZire 1.2 GL+ CVT R 266 900