
Bayipheka ngomhluzi wenye kwaTata
Akusekho ukujikela emuva kwendlu, iTata Motors Passenger Vehicles (TMPV) isikuqinisekisile ukuthi izotheleka kungekudala eNingizimu Afrika iTata Osprey.
Njengoba kuleli izobizwa ngeTata Osprey kwamanye amazwe yaziwa ngeTata Nexon.
ENdiya lapho yakhiwa khona ihamba phambili ngokuthengwa ezimotweni ezisesigabeni samaSUV.
Izotheleka kuleli nje isivele iyatholakala kwamanye amazwe, ukuthengwa kwayo sekufinyelele kwisigidi.
“Amakhasimende aseNingizimu Afrika afaka ingcindezi yokufuna uhlobo lwezimoto oluphewthe isitayela.
“Afuna zibe nobuchwepheshe, okulula ukuzishayela futhi eziphephile ziphinde zingambi eqolo,” kusho oyiGeneral Manager kwaTata emkhakheni Wezokukhangisa Nomkhiqizo uJeff Allison.
KwaTata bathi le moto isezingeni eliphezulu uma kuziwa kwezobuchwepheshe futhi benze isiqiniseko sokuthi kwezokuphepha abawathathi amashansi.
U-Allison uthi selokhu bekhuze ibuya eNingizimu Afrika bamnukelwe ngezandla ezimhlophe ngabathengi futhi bayakhula.
Usonga ngokuthi ukufika kwe-Osprey kungelinye igxathu elimqoka endleleni ebheke ekuzibophezeleni kwabo ekwakheni izimoto ezisezingeni lomhlaba.
