Izimoto

Ifike kahle iTata Tiago abantu beyidinga

Ngaphambi kokuthola ithuba lokuvivinya umncanyana iTiago, iTata Motors bese iqalile ukungena mbijana emabhukwini omlando eNingizimu Afrika. 

Lokhu bakwenze ngokugila izimanga bedayisa izimoto ezevile ku 600 ngoMeyi emagaraji ale nkampani angu 46 ezweni lonke. 

Sibhale lolu daba kwaTata Motors bebephezu kwezinhlelo zokwandisa isibalo samagaraji abo ngoJulayi. 

Uma sibuyela kwiTiago ifike ngesikhathi esikahle ezweni lapho iningi lehlela ngezansi ngenxa yesimo somnotho. 

Akubuzwa ukuthi iTiago 1.2 XM izoshisa umbango ezimotweni ezincane ezingambi eqolo ezingaphansi kwesigaba (ibudget car hatchback)

Amandla enjini

Lena ebesiyivivinya inenjini engu 1.2 litre XM ekhiqiza amandla afinyelela ku 63kW itorque engu 113Nm. 

Uzomangala ukuthi amandla akule njini ngisho ilayishe abantu abahlanu akukho lapho izwela khona emgwaqeni. 

Ekuyivivinyeni kwami ngilayishe izinsizwa ezintathu ezondlekile ngemuva, sibabili ngaphambili nephaseja nomthwadlana ngemuva kepha akukho lapho ike yakhombisa khona ukuphelelwa amandla ngendlela yokuthi kudingeke ukuthi uze ubuyele egiyeni lesibili. 

Wonke amagiya azingenela kalula njengoba idonsa ngo 5 speed oshintshwayo. Injini engu 3 cylinder ngiyizwe ihambisana kahle nesisindo sale moto esingu 980kg. 

Kulona lonke uhambo lwethu sigudla kuthelawayeka uN3 sibheke eMgungundlovu ezintatha akukho lapho ngizithole khona nginenkinga yokungena kwamagiya okanye iphelelwa amandla. 

Iclutch ithambile yize ungacishe ube nenkinga uma ungumthwizi lathwishi womdondoshiya ngoba isihlalo somshayeli asihlehli ngendlela ekunikeza isikhala esanele. 

Nakuba bekunesiminyaminya kuN3 wonke umuntu ejahe ukuthola indawo yokupaka ehlelekile lapho besizolinda khona ukuphela kweComrade Marathon, iTiago iziphathe kahle kuphethroli ngoba ngebanga lika 100km/h icaphuna amalitha angu 5 kuya ku 5.5 kuphela. 

Ngibethulela isigqoko kwaTata Motors ngesikalo okuyisona sona sikaphethroli odliwa yile moto ngaleli banga. 

Ngaphambili kudashboard konke kuyiplastiki ebukekayo nokho. Bazamile kwaTata nokuthi ingaphambili kwicentre console naku dashboard ligqize ngobala ocream okwengeza ubuhle.

Isiphethe isitayela

Uma uzobheka intengo yayo uzoqaphela ukuthi kwaTata bakhiphe unyawo ikakhulukazi lapho uzoqhathanisa nezimbangi zabo zaseJapan. 

Zisuka nje ebhandleni umsakazo weTiago wohlobo lweHarman uyibeka kwelinye izinga. 

Yize sengadlula kudala esigabeni somsindo kodwa esikhathini engisichithe nale moto okunye okugqame kakhulu kuyo ukuhleleka komsindo kwiradio. 

Itouchscreen engu 7.0 inch, amawindi asebenza ngogesi, ama airbag amabili ngaphambili nekhamera yangemuva. 

Ngokwesikhala esiphakathi komshayeli nephasenja sihleleke ngendlela kwase kuba nezikhala zokubeka izinto ezinhlangothini naphakathi nendawo. 

Amasondo angu 14 inch yase idla ngokuphakama enza ungesabi ngisho ungena emigwaqeni emibi. 

Izihlalo zayo zidinga ube yiqhathanzipho ngoba ziyakubamba ukungcola ngenxa yombala wazo othi awube light grey. 

Ngaphambili igqize ngechrome ecwebezelayo egudla ngaphezulu nangezansi kophawu lakwaTata. 

Isikhala sebhuthi esingu 242 litres silingene nomzimba wayo futhi okuhle ukuthi akukho lapho beyincishe khona isikhala ngemuva ngoba benzela ibhuthi.

Ukusonga

Kulesikhathi into ebhekwa kakhulu abantu abathenga izimoto eNingizimu Afrika intengo. 

Angikuasho ukuthi emuva kwezinsuku eziyisikhombisa ngivivinya iTiago endaweni engihlala kuyo bese nginqwamene namahlanu emgwaqeni. 

Intengo yayo yiyo eyenza kakhulu intandokazi ngaphezu kwezinto ezitholakala kuyo. 

ITiago ibiza phakathi kuka R189 900 lena eshintshwayo kuya ku R224 900 engumshini ozishintshayo.