Ezintsha

UTrevor Noah wengeze izinsuku zamahlaya ecelwa abaseMzansi

U-Trevor Noah usememezele ukwelulwa kohambo lwakhe lwamahlaya eNingizimu Afrika, iBafunny Bafunny, kulandela isicelo esinamandla sabalandeli baseMzansi. 

Lesi sinqumo siveza ngokusobala ukuthi izethameli zasekhaya zisamfuna kakhulu, kanti umoya wokweseka ubuciko bendawo uyaqhubeka nokukhula.

Kwividiyo abelane ngayo ezinkundleni zokuxhumana nozakwabo u-Eugene Khoza, laba bobabili bachaze ukuthi kwngezwe usuku emadolobheni amathathu. 

“Ningizimu Afrika! iSavanna Cider iletha iBafunny Comedy Festival — ePretoria, eThekwini neKapa kanti sekwengezwe ezinye izinsuku,” kusho bona kule vidiyo.

Umyalezo ubuye waveza ukuthi amathikithi asele ambalwa kakhulu kwezinye izinsuku.

Izinsuku ezisemqoka zimi kanje: ePretoria, kuzoba seSunbet Arena, sekukhona umbukiso omusha ngoSepthemba 4, kulandele owangoSepthemba 5. 

EThekwini, uzoba seplayTSOGO Globe eSuncoast, kanti kwengezwe umbukiso ngoSepthemba 19. 

EKapa, kuzoba seGrandWest Grand Arena, kwengezwe umbukiso ngoSepthemba 25, bese kuba nombukiso wangoSepthemba 26.

Uhambo alupheli ngoTrevor kuphela. Uzohambisana namanye amagama adumile emkhakheni wamahlaya eNingizimu Afrika.

Kuwona kukhona awo-Eugene Khoza, uThabiso Mhlongo, uMbali Gudazi, uNomthandazo Rubushe, uRory Petzer, uLindy Johnson, noPanch Gasela, phakathi kwamanye.

Lokhu kwelulwa kohambo kukhombisa amandla ebhizinisi lezokuzijabulisa lasekhaya nokuxhumana okujulile phakathi kosomahlaya nezethameli. 

Kubalandeli, leli yithuba elikhulu lokubona u-Trevor Noah nabanye osomahlaya abahamba phambili bukhoma ezinkundleni ezinkulu zezwe.