Ezintsha

Usisi ka-Tyla ubhoboke ngosuku abanjwa ngalo inkunzi

USydney Seethal, ongudadewabo omncane womculi waseNingizimu Afrika owine iGrammy Award uTyla, usanda kuveza ukuthi wake wabanjwa inkunzi esemncane. 

Le ndaba uyikhulume ngesikhathi se-livestream esekhishini lakhe, echaza ukuthi leso sigameko asikaze siphume emqondweni futhi samfundisa kakhulu ngokuphepha komuntu.

USydney uthe ngesikhathi ehamba ebuyela ekhaya evela esitolo esiseduze, ephethe i-six-pack yeCoke, kwaqhamuka indoda yazama ukumphuca ifoni. 

Uthe lo mhlaseli walwa naye ngamandla waze wamshaya phansi emgwaqeni. 

Waphinde waqaphela imoto eyayiseduze ayecabanga ukuthi ibingeyokubaleka, okwamenza asole ukuthi konke kwakuhlelwe kusenesikhathi.

Noma kunjalo, akazange ayidedele ifoni yakhe kalula; walwa enqaba nayo. 

Ulinganise ukuthi lo mhlaseli wayeneminyaka engaba ngu-24 noma 25, kanti yena wayeneminyaka engu-18 kuphela. 

Ebheka emuva, uyavuma ukuthi lokho kwakungaba yisinqumo esiyingozi, ikakhulukazi uma lo muntu ebengaphethe isibhamu. 

“Ngangesaba kakhulu,” kusho le ntokazi endudadewabo ka-Tyla.

Le ngxoxo ivele ngesikhathi exoxa ngokuphila phakathi kweNingizimu Afrika ne-United States. 

Uthe izigameko ezifana nalesi zimenze wakwazisa kakhulu ukuzizwa ephephile e-US. 

Ezinkundleni zokuxhumana, abanye bancome isibindi sakhe, kanti abanye baxwayisa ngokuthi akuhlakaniphile ukulwisana nesigebengu okungenzeka sihlomile.

Ngokwe-Post, uSydney usezakhele igama lakhe njengomdali wedijithali ogxile kwi-lifestyle, uhambo, nezinto zansuku zonke. 

Nakuba ebonakala no-Tyla kwezinye izikhathi futhi ehamba naye emisebenzini yamazwe omhlaba, le ndaba iqinise ubuntu bakhe obuzimele.

Futhi ivule ingxoxo ebanzi ngobugebengu, ukuphepha, nezimpilo zabaseNingizimu Afrika ekhaya nakwamanye amazwe.