AbasakaziEzintsha

UMalema uzifake zaphelela kuMac G, uthi udunga intsha

Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uJulius Malema, usehlasele kakhulu umsakazi we-podcast odumile, uMcgyver “Mac G” Mukwevho.

Umsole ngokusebenzisa uhlelo lwakhe ukuphambanisa intsha nokuyiqhelisa kwezepolitiki.

Ekhuluma emcimbini we-EFF, uMalema uthe iPodcast and Chill with Mac G ayiseyona nje indawo yokuzijabulisa kuphela.

Kodwa isiphenduke “iqembu lezepolitiki” elinenhloso yokudicilela phansi intshisekelo yentsha kwezombusazwe.

“Le nto ebizwa ngeMac G Podcast empeleni iyiqembu lezepolitiki,” kusho uMalema.

Uthe lolu hlelo lukhuthaza indlela yokuphila ephambanisa intsha, ikakhulukazi ngokwenza ukuphuza utshwala kubonakale kuyinto ejwayelekile nencomekayo.

“Umsebenzi walo wukukhipha intsha kwezepolitiki. Yingakho ephuza utshwala ngesikhathi eqopha uhlelo, enza sengathi ukuphuza kuyinto enhle,” kusho yena.

U-Julius Malema uphinde wasola u-Mac G ngokukhuthaza abalandeli bakhe, abazibiza ngokuthi amaChillers, ukuthi ukuphuza utshwala kuyingxenye yendlela yabo yokuzijabulisa.

“Utshela labo abazibiza ngamaChillers ukuthi uma bezishilele kufanele baphuze.”

Uqhube wathi uMac G ukhuluma ngokunganaki ngezindaba ezithinta abantu abamnyama kanye ne-Afrika, aphinde akhale ngokuthi “uyacindezela” uma esolwa.

“Ukhuluma ngokunganaki ngakho konke okuphathelene nabantu abamnyama ne-Afrika. Uma simphendula, uthi sifuna ukumkhansela.”

Lo mholi we-EFF uphinde wasola uMac G ngokuhlale ehlasela abantu abamnyama abadumile, okubalwa kubo noMinnie Dlamini.

“Ucabanga ukuthi unethonya elikhulu. Ucabanga ukuthi ukugqoka ophaca kuyinto ekhethekile. 

“Uhlasela wonke umuntu omnyama, wahlasela noMinnie Dlamini,” kusho uMalema.

U-Julius Malema uqhathanise u-Mac G nowayekhulumela i-EFF, uMbuyiseni Ndlozi, ethi uNdlozi uletha izingxoxo ezifundisayo futhi ameme abantu abanolwazi.

“Okungenani uMbuyiseni ukunikeza into ongayilalela futhi ufunde kuyo. 

“Uma ufuna ukufunda ungalalela yena, umema abantu abasezingeni. 

“Kodwa iMac G Podcast iyiqembu lezepolitiki elakhelwe ukukhipha intsha kwezepolitiki,” kusho uMalema.

UMac G ubengakaphenduli esidlangalaleni ngalezi zinsolo ngesikhathi kushicilelwa lo mbiko.