Izimoto

Ihlakaniphile, yinhle, eyomndeni: iToyota Urban Cruiser ke leyo

I-Toyota Urban Cruiser iwuhlobo lwezimoto ezibizwa ngama-SUV ehlanganisa ubuhle, isitayela nobuchwepheshe besimanje ngenani elikhonekayo. 

Indlela edizayinwe ngayo kuyacaca bekucatshangwa ngabagibeli basemadolobheni nemindeni emincane. 

Le moto igqame nge-grille yayo yangaphambili ewbukhazikhazi besimanje namalambu e-LED. 

Ngaphezu kwalokho, yakhiwe ngobunjiniyela obuthembekile futhi obucolisisiwe bakwaToyota okwenza ikunike ukuyethemba.

I-Toyota Urban Cruiser iphuma nenjini engu-1.5 litre kaphethroli ehambisana namagiya amahlanu ashintshwayo noma edonsa ngamagiya amane azishintshayo. 

Injini iletha ukusebenza okunesizotha — okuhle kakhulu ekushayeleni ezindaweni zasesilungwini noma uhambo olude emgwaqeni ovulelekile. 

Njengokulindelekile ezimotweni zakwaToyota, uphethiloli igcina ngokuwuhogela nje kuphela njengoba ihamba ibanga like-100 wamakhilomitha ngamalitha ayisithupha. 

Njengoba isimo somnotho sintengantenga nje, lokhu kuyinto ebaluke kakhulu kwazise wonke umuntu ufisa ukusala nokuthile ephaketheni kodwa ebe ehamba ngobutsetse bemoto. 

Ngaphakathi, i-Toyota Urban Cruiser inikeza inedeshibhodi ekhangayo. 

Iphuma ifakwe i-infotainment system engu-7 inch touchscreen ene-Apple CarPlay ne-Android Auto.

Konke lokhu uyakwazi ukukusebenzisa ngamabhathini anamathele esitelingini futhi inohlelo lokulawula ukushisa nokubada oluzisebenzela ngokwalo. 

Izihlalo zangemuva zivulekile emotweni yakulesi sigaba, kanti ibhuthi inikeza isikhala esingamalitha angu-328, esinwebekayo uma izihlalo zigoqiwe.

Mayelana nezokuphepha, le-SUV ihlanganisa ama-airbag amabili, i-ABS ene-EBD, izinsiza kupaka zangemuva, nezimbobo zezihlalo zezingane ze-ISOFIX. 

Okunye okuhlukile kunikeza izici ezengeziwe njengekhamera yangemuva eyenza kube lula uma uhlehla ukubona ngemuva nokuzilawula uma wenyukela.

Ibushelelezi uma uyishayela, nokumiswa kushunwe ukuze kube nokunethezeka kunokuphatha kwezemidlalo. 

Nakuba ingakhelwe ukuhamba ezindaweni ezinemigwaqo emibi, kodwa i-Toyota Urban Cruiser iyakwazi ukuhamba emigwaqeni ewubhuqu enemigodi embi.

Lokhu kungenxa yokuthi iphakeme kahle, isukile egadeni. 

Sekukonke, i-Toyota Urban Cruiser iyimoto ekhethekile futhi okungaba wubuhlakani ukuyithenga kunoma ubani ofuna i-SUV ethembekile.

Ilungele izakhamuzi zasemadolobheni ezidinga imoto esesitayeleni kodwa esebenzayo ukuze isetshenziswe nsuku zonke futhi ekunika ukuphumula emqondweni okuhambisana nebheji yakwaToyota.