
Sibhekwe ngabomvu ‘isithembu’ sikaLwa Ndlunkulu noMawhoo
Izintokazi ezizkhele ugazi emculweni wakuleli, uMawhoo noLwah Ndlunkulu zingena emculweni kaMaskandi ngodli njengoba zenze Isithembu ndawonye.
Bahlanganise amandla, bathatha enza isinyathelo sokungenza emculweni kaMaskandi.
Leli qembu limemezele ukuthi i-albhamu yalo entsha, Isithembu, izophuma ngo-August 25.
Lokhu kuza ngesikhathi besanda kukhipha ingoma entsha ethi Distance, eyethulwe ngoLwesibili ebusuku.
Ukungena kwabo kuMaskandi kunencazelo ejulile ngoba lolu hlobo lomculo luvame ukubuswa amadoda.
ULwah ugcizelele ukuzimisela kwabesifazane ekuphuleni imingcele, nokwakha ifa elikhuthaza abanye.
Umyalezo omkhulu uwukuthi impumelelo ayinabuhlanga noma ubulili.
Futhi abesifazane bangakwazi ukungena kunoma yisiphi isikhala bavelele kuso.
Ngasohlangothini lokwakheka komsindo, uMawhoo noLwah basebenzise ububanzi bamakhono abo.
Bobabili sebevele bezame izinhlobo ezahlukene zomculo phambilini, futhi baphumelela.
Lokho kwenze ukuhlanganisa Amapiano, i-Afro-pop, noMaskandi kwaba lula.
Lokhu ikakhulukazi ngenxa yothando lwabo lokucula nendlela abahlanganyela ngayo emsebenzini wabo.
Ngokwengqikithi yengoma Isithembu, uLwah uthe: “Umnyombo we-albhamu ukuthinta zonke izinhlaka zempilo.”
Lokhu kubonisa ukuthi i-albhamu ayigcini ngokuzijabulisa kuphela, kodwa iphinde ithinte izindaba zansuku zonke.
Kungba wuthando, ukholo, nemibono ehlukene yobuciko bomculo.
Ngenyanga yabesifazane, ubudlelwano babo bugqame ngokubambisana, ukubekezelana, nokuhloniphana.
Uhlelo lwabo lokusebenza lugxile ekwakheni indawo ephephile enobunye lapho kungekho odicilela omunye phansi.
Baphinde baveza ukuthi kungenzeka kuphume omunye umsebenzi ngokubambisana, njengoba benezinye izingoma eziningi esezivele ziqoshiwe.
