
UMzimela udalula imbangela yokunyamalala kwakhe ekulingiseni
Umlingisi u-Nkanyiso Mzimela useveze imbangela yokunyamalala kwakhe kumabonakude ngemuva kokuphela komdlalo Isibaya.
UMzimela, owazakhela udumo kulo mdlalo, uthi wathatha isinqumo sokuma kancane ukuze azibheke kahle izinto emsebenzini wakhe wokulingisa.
Uthi ubefuna ukuhlaziya amaphutha akhe nezinto azenze kahle ukuze abuye esengumlingisi ongcono.
Manje lo mlingisi usebuyele kumabonakude njengoba esevele emdlalweni omusha iKwababa, okhonjiswa kuMzansi Magic phakathi nesonto ngo-7.30 ebusuku.
Kulo mdlalo ulingisa indawo kaMusa Mkhize, insizwa ethanda impilo yobumnandi namantombazane. UMusa unezingane nabesifazane abahlukene.
U-NKanyiso Mzimela uthi yena noMusa bafana ngokuthanda ubumnandi kuphela.
Okunye uhluke kakhulu ngoba yena ugxile ekusebenzeni kanzima ukuze aziphilise.
“Ngiqeda ukulingisa emdlalweni Isibaya, bengimncane kakhulu kunalokhu engiyikhona manje.
“Ngikhule kakhulu manje, ngisho nasekulingiseni,” kusho yena kwiSolezwe.
Uthi ngesikhathi engabonakali kumabonakude uthathe isikhathi sokubheka amaphutha awenza ekuqaleni komsebenzi wakhe.
“Ngithathe isikhathi sami ngafuna ukubheka ukuthi yimaphi amaphutha engiwenzile ngikulo mdlalo futhi ngakhetha ukuwalungisa.”
UMzimela uthi manje usezizwa ekulungele ukubhekana nezinselelo ezintsha emsebenzini wakhe.
Ubuye waveza ukuthi waba nenhlanhla yokusebenza nabalingisi asebemnkantshubomvu kusukela eqala ukulingisa.
Uke wabonakala nakuShaka iLembe, lapho aphinde wathola khona ithuba lokusebenza nabanye abalingisi abanolwazi.
Uthi la mathuba amfundise ukuthi ukulingisa kudinga ukuzimisela nokusebenza kanzima.
Manje uthi usekulungele ukuthi ababukeli babone indlela akhule ngayo njengomlingisi.
OLUNYE UDABA: IZakhele ugazi ngentengo JMC iVigus
U-Nkanyiso Mzimela ukholwa ukuthi ukubuyela kwakhe kumabonakude kuzokwenza abantu bakwazi ukubona ikhono alithuthukise ngesikhathi ebekude nokugqama.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
