AbasakaziEzintsha

iZwi Lomzansi libuyisa umsakazi nomlingisi uSlu Kaula

Isiteshi somsakazo womphakathi esizinze eThekwini, iZwi Lomzansi FM, sesibuyise umsakazi nomlingisi onolwazi, u-Silungile “Slu” Kaula.

USlu, owaduma ngokulingisa emdlalweni weMzansi Magic i-Life Cover, usengumsakazi wohlelo lwangoMgqibelo olusakazwa phakathi kuka-7 ekuseni no-9 ekuseni.

Uthe uhlelo lwakhe luzodingida izindaba ezisematheni emphakathini, lukhuthaze ezobuciko namasiko, futhi lugqugquzele intsha ukuthi ilwele ukufeza amaphupho ayo.

“Ngaphezu kwalokho sizophinde sixoxe ngezimoto zakamuva, amasiko ethu, ubudlelwano nezinselelo zempilo abantu ababhekana nazo,” kusho uSlu.

U-Silungile Kaula uveze ukuthi inhloso enkulu yalolu hlelo ukuveza kabanzi izindaba zabaculi nabantu bezokungcebeleka asebedumile kanye nalabo abasafufusa.

Ubonge abaphathi besiteshi ngokumnika elinye ithuba, ethi uzizwa esekhaya njengoba wake wasakaza khona eminyakeni eyedlule ngohlelo olwalugxile kwezobuciko.

Uthando lwakhe kwezobuciko lwaqala eneminyaka engu-12 ngesikhathi efunda iSpeech and Drama esikoleni samabanga aphansi. 

E-Ridge Park College wafunda iDramatic Arts, ayiphasa ngamalengiso kumatikuletsheni.

Wabe eseqhubeka eNyuvesi yaKwaZulu-Natal e-Edgewood, lapho afundela khona isiNgisi neDramatic Arts.

Ngemuva kokuphothula izifundo, wabamba iqhaza emidlalweni yaseshashalazini eminingi, wasebenza nabantu abadumile okubalwa kubo uDkt Gcina Mhlophe, uDkt Mbongeni Ngema, uGiven Jikwana noSkhura Makhura.

OLUNYE UDABA: UMbali Ngiba udedela ibhomu ngezigemegeme kuMkhokha

Ngaphandle kokusakaza nokulingisa, u-Silungile Kaula usebenza njengeNhloko yoMnyango ePaul Sykes Primary School, eNewlands West.

EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp