AbalingisiEzintsha

UMbali Ngiba udedela ibhomu ngezigemegeme kuMkhokha 

Obengumlingisi emdlalweni kamabonakude obudla ubhedu, uMkhokha – The Curse uMbali Ngiba usededele ibhomu ngobekwenzeka kuqoshwa iziqephu zawo. 

Useveze ukuthi kwakungasebenzeki ngesikhathi kuqoshwa lo mdlalo njengoba ozakwabo babengamphethe kahle.

Ekhuluma kwiPodcast i-Engineer Your Life noLungelo KM, uMbali — owayedlala indawo kaZodwa — uvele wahlanza iqiniso elibabayo. 

Lo mlingisi uthi waxhashazwa kakhulu kusukela ngosuku lokuqala kwaze kwaba yilapho kusongwa ukuqopha.

Ngokusho kukaMbali, ukusebenza kulo mdlalo bekungebona ubukhazikhazi. Kunalokho, kwakuyimpi yansuku zonke ekhuba umoya.

“Kukhona abalingisi abahlukumezanayo… Ngaxhashazwa laphaya. Kwakukubi ngempela. Nsuku zonke,” kusho le ntokazi.

UMbali Ngiba uchaze nokuthi kwakuthi ekupheleni kosuku azithole ehlezi emotweni yakhe ehlengezela izinyembezi.

Kodwa kwakuzodingeka abuye ngakusasa ekuseni esemamatheka, elungele ukuqhubeka nokuqopha.

“Besisebenza nabantu abazana nabaphathi… basho izinto ezimbi ngawe, futhi isiteshi sibakholwe ngaphandle kokuzwa uhlangothi lwakho,” kuqhuba yena.

NALU OLUNYE UDABA: Zidinga iqhathanzipho izihlalo zeDzire

Kodwa nakhu lapho izinto ziba nzima nakakhulu…

UMbali Ngiba ngokwakhe uyaziwa ngokuba nochuku. Ngesikhathi ekwiThe Real Housewives of Durban, wake wasusa ukukhuluma.

Lokhu kungemuva kwesigameko esenzeka eHotel Sky eSandton lapho abonakala elwisa unogada, ekhipha amazwi alumelayo.

Nokho wabuye waxolisa ngakusho kuleso siqephu kulandelwa ukusolwa akuthola.

Lolu daba luqale lwashicilelwa kwi-Isigqi Sethu