Ezintsha

Isasasa kubuya uZanele Potelwa kwiTropika Island of Treasure

Umsakazi odumile, u-Zanele Potelwa, ubuyele ngokusemthethweni njengomphathi wohlelo iTropika Island of Treasure kwisizini ka-12. 

Ukubuya kwakhe kuza emva kokunconywa kakhulu ngesizini edlule, lapho aphinde waqokelwa iSAFTA emkhakheni weBest TV Presenter. 

Abalandeli balo mdlalo bazombona ephinde eletha amandla, ukufudumala nokuzimisela okumenze athandwe kakhulu.

Le sizini iqoshwe eRéunion Island, indawo ebukeka kahle kakhulu kwi-Indian Ocean. 

Uhlelo luzohlanganisa izinselelo ezinzima, izimanga ezingalindelekile, nomjaho womcebo ozobeka abaqhudelanayo ngaphansi kwengcindezi enkulu. 

Kuzoba khona imidlalo yomzimba edinga amandla nokubekezela, nezinselelo zengqondo ezidinga isu, ukubambisana nokuzimisela.

USveti Kovatcheva, oyiBrand Manager: Dairy Fruit Mix eClover, usechaze kabanzi ngalolu hlelo.

Ugcizelele ukuthi lo mdlalo uhlale umayelana “nokuzidela, ukuxhumana nokwakha izikhathi ezingasoze zalibaleka,” wathi Isizini 12 iyisa lowo moya “ezingeni elisha ngokuphelele.” 

Uphinde wachaza ukuthi nakuba iRéunion Island iyindawo emangalisayo, abantu, ubudlelwano, nezinselelo yikho okuzoletha umlingo wangempela.

Abantu abadumile abazojoyina lo mjaho bafaka uNadia Nakai, uCaster Semenya, uFrancois Hougaard, uLeandie du Randt, uSandile Mahlangu, u-Amanda du-Pont, uLalela Mswane noWiseman Mncube. 

Laba bazobambisana nabancintisana abayisishiyagalombili abavela emphakathini, amagama abo azomenyezelwa maduze.

I-Tropika Island of Treasure Isizini 12 izoqala ngoLwesithathu kusukela ngoSepthemba 23 ngo-9 ebusuku kuSABC 1. 

Uhlelo luzophindwa njalo ngoLwesine kusukela ngoSepthemba 24 ngo-6 ntambama kuS3. 

Ngenhlanganisela yendawo entsha, osaziwayo abaqinile, nabantu abavamile abanamaphupho amakhulu, le sizini kulindeleke ilethe injabulo, isiphithiphithi, ukuhleka nemizwa abalandeli abayithandayo.

Ukubuya kuka-Zanele Potelwa nakho sekuqubule isasasa kubalandeli balolu hlelo njegoba enza umsebenzi oncomekayo ngesizini edlule.