
UHlomla ugxeka imboni yezokulingisa eNingizimu Afrika
Umlingisi ongumakadebona eNingizimu Afrika, uHlomla Dandala, usegxeke kakhulu imboni yezamafilimu nomabonakude.
Uthi akafuni nhlobo abaphathi beziteshi zikamabonakude noma izinhloko zeminyango (HODs) emngcwabeni wakhe uma kungenzeka ashone namuhla.
Ekhuluma ku-Filmatic Podcast, u-Hlomla Dandala uthe abantu abasezikhundleni zobuholi embonini yibo ababangele izinkinga ezibhekene nabalingisi nabanye abasebenza kwezokungcebeleka.
“Ngifuna lokhu kubhalwe phansi. Uma ngingashona namuhla, ngaphandle kokuthi lolu hlelo selushintshile…
“Angifuni ngisho noyedwa uHOD noma inhloko yesiteshi emngcwabeni wami,” kusho uDandala.
Uqhathanise abaphathi beziteshi nosopolitiki, ethi yibona abadala inhlupheko bese kamuva beziveza sengathi bayanizwela uma senihlupheka.
“Lokho abakwenzayo kufana nalokho okwenziwa osopolitiki.
“Yibona abadala ubumpofu bese bephinde bakhulume ngokuthi bubuhlungu kangakanani,” kusho yena.
- OLUNYE UDABA: USminofu ubizelwe eNdlunkulu kaZulu ngengoma entsha
U-Hlomla Dandala uthe uma imboni ingakashintshi ngesikhathi eshona, akafuni nhlobo abaphathi beziteshi zikamabonakude babe yingxenye yomngcwabo wakhe.
“Yibona abadala izinkinga esibhekene nazo,” kuphetha yena.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
