EzintshaIzinhlelo

Kubuye umakadebona kolwezindaba ku-eNCA

Uhlelo lwakwa-eNCA, iThe South African Morning Show, selwethulwa umakadebona womsakazi uDan Moyane nentatheli uMasego Rahlaga.

“Kuyintokozo kimi ukubuya futhi ezindabeni zasekuseni,” kusho uMoyane. 

“Ezweni elisheshayo lezindaba, ngijabule ngokuba nethuba lokwethula izindaba ezintsha njalo ekuseni phakathi nesonto.” 

URahlaga naye uthe kuwumuzwa omenza azizwe ebalulekile ukunikwa lo msebenzi.

“Ngizizwa ngithobekile ngaleli thuba lokusebenza noBra Dan silethe izindaba nobumnandi kubabukeli bethu njalo ekuseni. 

“Ngibonga abaphathi be-eNCA ngokungethemba ngeqhaza elibaluleke kangaka,” kusho uRahlaga.

Echaza isinqumo sabo sokuhlanganisa le nkakha nentokazi esencane, isikhulu sakwa-eNCA sithe baqale babahlola. 

“Ababukeli abaningi bebelokhu besicela njengesiteshi ukuthi sakhe inhlanganisela phakathi kukaMasego noDan. 

“Lapho sebevele esikrinini ndawonye ngemisebenzana emincane, amandla abo abengenakuqhathaniswa. 

“Manje, lapho abantu bekhuluma, siyalalela futhi senza lokho abakufisayo,” kusho uNorman Munzlele, umqondisi ophethe kwa-eNCA.

Uhlelo lwaphakathi nesonto ngo-6 ekuseni kuya ku-9 ekuseni phambilini belushayelwa uGareth Edwards noThami Ngubeni.

I-South African Morning Show iyisiqalo sosuku lwezindaba kubabukeli. 

Uhlelo lukhonjiswa kwiDStv, kuChannel 403.