EzintshaIzinhlelo

UMaNgwabe kuyacaca ‘usephumile’ kuMseleku

Ababukeli boohlelo Uthando Nes’thembu sebeveze ukuthi banezinsolo zokuthi uMbali ‘MaNgwabe’ Mseleku oyinkosikazi yesine esithenjini sikaMusa Mseleku usezinhlelweni zokuphuma kulo mshado wakhe. 

Lokhu kungemuva kokuthi ethathe isinqumo sokungalithathi igema lakhe lokuchitha ubusuku nomyeni wakhe. 

UMseleku ushintsha izindlu zabafazi bakhe ukuze ebenelise bonke ngokulala nabo. 

Isiqephu sakamuva sohlelo Uthando Nes’thembu siveze uMseleku namakhosikazi akhe nezingane bethathe uhambo.

Kulolu hambo, uMseleku uzwakalise ukudinwa ukuthi uMaNgwabe akazange alale naye.

Ngesikhathi uMseleku noMaNgwabe behamba ndawonye ngemuva kwesidlo sakusihlwa somndeni, ngakusasa ekuseni uMusa wakhala ngokuthi akezanga kuye.

Eziphendulela, uMaNgwabe wabuza ukuthi kungani uMusa engezanga ekamelweni lakhe.

Ukuzama ukulungisa isimo unkosikazi wesithathu uMaKhumalo wadela ubusuku bakhe noMseleku, wabunika uMaNgwabe. Wamfonela emazisa, kodwa akazange akwenze lokho.

“Angisakhumbuli nalolo cingo, ngoba ngesikhathi ufika uzovalelisa, bengihlezi embhedeni. Ngemuva kokuba usuhambile, ngazumeka…

“Lizofika ithuba lami. Sonke lapha siphilile futhi siyaphila. Uma uphuthelwe yiema lakho ungalithola ngokuzayo,” kusho uMaNgwabe.