U-Unathi noKaybee bayajola? Bayaziphendulela
Umculi ophinde abe ngumsakazi u-Unathi Nkayi usephumele obala ngobudlelwane bakhe noPrince Kaybee ngemuva kokuthi kube nesasasa ngezithombe zabo abazifake ezinkundleni zokuxhumana muva nje.
Lezi zithombe beziveza ukusondelana okukhona phakathi kwalabo saziwayo, abantu abaqala baba nemibuzo ngokuthi ngabe bayathandana yini.
Ekhuluma neZiMoja, u-Unathi uphumele obala wakuphika ukuthi kukhona okwenzekayo phakathi kwabo wathi sebeneminyaka bengabangani abakhulu. “Ungumndeni kimi. Uze wahlangana nobaba ngo-2021 siqopha ingoma ndawonye eGqeberha.
“Yilapho iKaya FM yangixosha, wangisiza benobaba, bangicashisa emehlweni omphakathi isonto lonke.
“Ngimkweleta kakhulu,” usho kanje u-Unathi wodumo lwengoma ethi KwaNolali, wengeza ngokuthi bangabangani abakhulu futhi ngeke bamoshe into enhle ngomjolo.
U-Unathi uphinde wadalula ukuthi ngesikhathi kusabalale isithombe sakhe, nendodana yakhe, uPrince Kaybee nendodana yakhe, intombi yakhe nayo yayikhona.
“Ufana nomfowethu kimina nentombi yakhe yayikhona ngalobo busuku, angiboni ukuthi kungani abantu bebe nesasasa elingaka ngesithombe nje.”
U-Unathi ubeshade nomsakazi uThomas Msengana. Banezingane ezimbili, okuyindodakazi u-Imbo nendodana uSinako.
Ngakolunye uhlangothi uPrince Kaybee unendodana uMmino amthola kumlingisi ophinde abe ngumsakazi uZola Zeelovin ogamalakhe langempela uZola Mhlongo.
U-Unathi uthe baphinde basebenzisana kwi-albhamu kaPrince Kaybee yakamuva. Ukhona engomeni kaPrince Kaybee ethi Thixo Wethu ekwi-albhamu ka-2023 ethi Gemini, lapho ehamba phambili ngephimbo kule ngoma yomdanso.
UPrince Kaybee naye ungene ezinkundleni zokuxhumana wawachitha lamahlebezi okuthi bayajola.
OLUNYE UDABA: Kuvela okuxoshise uMbali Ngiba kuMkhokha
Ubhale wathi: “Lol! Shame ndoda, wonke umuntu wesifazane empilweni yami ngilala naye.
“Akusho lutho kodwa u-Unathi useneminyaka engumngani. Ngimthanda ukufa.”