Uphume ebanjwe ngamawashingi uDJ Bongz kweyobumnandi
Umakadebona kwezobumnandi, uDJ Bongz uxoshwe kabuhlungu eLiv Nightclub eThekwini, ngempelasonto edlule esolwa ngokungaziphathi kahle.
Lo DJ, ogama lakhe langempela nguBongani Dlamini, ungene ezinkundleni zokuxhumana enxusa abalandeli bakhe ukuthi bangaphinde beseke ne ndawo yobumnandi.
Ochungechungeni lwemibhalo ayifake kwi-X (eniyaziwa ngeTwitter), uDJ Bongz uzwakalise ukuphatheka kabi ngokuxoshwa kwakhe kule ndawo.
Usole abaphathi bale ndawo ngokumphatha ngendlela engafanele, wathi “udeleliwe” futhi “uphoxekile” phambi kwabalandeli bakhe.
Uphinde waxwayisa abalandeli bakhe ukuthi bangalubeki unyawo kule kilabhu ngenxa yodlame abanalo.
Ngokusho komthombo osondelene naye, uBongz ubenethemba lokuthi i-X yakhe izosusa inkulumompikiswano ezinkundleni zokuxhumana, abalandeli bakhe bagcine beyidubile le ndawo yobumnandi.
“Uyabazi abantu ukuthi banjani, abasoze bayiduba indawo yobumnandi ngoba kukhona oxoshiwe,” kusho umthombo.
Ngokusho kwemithombo esondelene nalesi simo, uBongz ubephuzile futhi engalawuleki kwaze kwaba yilapho abanye abebekule ndawo bekhala ngokuziphatha kwakhe.
“Ngeke kuvele kuxoshwe umuntu nje, ikakhulukazi odumile njengaye, ubengalawuleki futhi ethuka abantu,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiZiMOja.
“Ugcine exolisile futhi manje usevunyelwe ukubuyela kule ndawo,” kwengeza omunye umthombo.
Abaphathi bale ndawo abazange bazihluphe ngokuphendula le mibhalo kaBongz kwi-X.
FUNDA NALA: UMinnie ulindele ‘ukuhlekwa’ ngokwehlukanisa nomyeni
Ethintwa ukuba aphawule, uDJ Bongz oseneminyaka engaphezu kwamashumi amabili edlala endimeni yomculo waseNingizimu Afrika, uthe akasafuni ukukhuluma ngalolu daba.
Lo DJ wazakhela udumo ngengoma yakhe ethi Thina Sobabili eminyakeni ecela kwengu-20 edlule manje kanti zikhona nezinye ezimnanndi azikhipha ngemuva kwaleyo.