AbaculiAbalingisiEzintsha

Uyise ka-AKA udalulile imfihlo ka-Enhle Mbali

Kusuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi uTony Forbes, onguyise ka-AKA, ededele ibhomu engxoxweni kwiWithin With Hazel.

UForbes uveze ukuthi intombi ka-AKA yokuqala kwakungu-Enhle Mbali Mloshwa, obengumfazi kaDJ Black Coffee.

Leli bhomu livuthise izinkundla zokuxhhumana, abanye bakhumbula ukuthi nebala u-AKA, ongasekho, wake wajola no-Enhle Mbali. 

Lokhu kwakungaphambi kokuthi azwane noBlack Coffee abeshade naye kodwa babuye bahlukanisa. 

Okunye okukhunjulwe abantu wukuthi uBlack Coffee ubenokuba nolaka uma kukhona u-AKA eduze kwakhe. 

Angithi uyakhumbula nje ededela ulabhabha wempama kuTshiamo Letshwene, owayeyimenenja ka-AKA. 

Imibiko yangaleso sikhathi yaveza ukuthi ingxabano yenzeka ngesikhathi ithimba lika-AKA lifika sekudlule isikhathi laphazamisa uBlack Coffee edlala. Lesi sigameko sasusa umsindo sabhebhethekisa nokuqagela mayelana nokungezwani phakathi kwalaba baculi.

Lezi zindaba ezivezwe uForbes zenze kwacaca ukuthi into eyayibangwa yilezi zinsizwa nguye u-Enhle Mbali.