Uselulamela ekhaya uMobi Dixon olimale engozini
Usephumile esibhedlela umculi ophinde abe nguphrojusa, uMabi Ntuli, odume ngelikaMobi Dixon olimale kanzima engozini yemoto.
Esitatimendeni esikhishwe yinkampani asebenzisana nayo nesishicilelwe ezinkundleni zokuxhumana, uMobi Dixon, oneminyaka engu-39 uyelashwa esibhedlela esingadalulwanga.
“Sifisa ukubonga ethimbeni lodokotela ngomsebenzi wabo. Sibonga nomndeni nabangani abamsingathile kulesi sikhathi esinzima.
“Sicela ukuba anikezwe ithuba lokuba yedwa nokubekezelelwa emithonjeni yezindaba nakubalandeli ngalesi sikhathi.
“Sizolokhu sibazisa ngokuqhubekayo uma sekufike isikhathi esifanele.
“Yonke imicimbi kaMobi Dixon ihoxisiwe futhi sisazozimemezela izinsuku ezintsha.
“Siyabonga ngokuqonda nokuzwelana nathi,” kuphetha lesi sitatimende.
Lo mculi uveze ukuthi usephumile esibhedlela futhi wabonga abebemeseka kulesi sikhathi esinzima abebhekene naso.
“Ngiyabonga ngezilokotho ezinhle, imikhuleko, uthando nokungeseka nonke eningibonise yona.
“Ngibonga uNkulunkulu ngokusindisa impilo yami. Inhloso yami isazofezeka ngokugcwele.
“Ungalokothi uwathathe kancane amandla omthandazo,” kubhala yena kwi-Instagram.
Ukulimala kukaMobi Dixon kwenzeka kungakapheli sikhathi esingakanani omunye umculi wakuleli, uMbongeni Ngema ephalalele khona emigwaqeni yase-Eastern Cape.
OLUNYE UDABA: Siyabhidlika isithembu sikaMusa Mseleku, uMaYeni uhambile
UNgema, obedume ngelikaMadlokovu futhi ongomunye wezingqalabutho zakuleli, ushone ngoZibandlela odlule.