UGogo Skhotheni ubhoboke ngedivosi yakhe
UTumi Motsoeneng, odume ngelikaGogo Skhotheni, useveze ukuthi sebehlukene nomyeni wakhe uMonde.
Le ntokazi engumsakazi, uDJ nesangoma esidumile ivezele abalandeli bayo lezi zindaba kwi-Instagram.
“Nginezinyanga eziyisithupha ngihlukanisile futhi abantu basacabanga ukuthi ngiqomile.
“Mhlawumbe kungenxa yokuthi ukuhlukana kwami naye sikwenze ndlela ekhombisa ukukhula,” ubhale kanje.
“ma sibonakala ndawonye kungenxa yezingane zethu noma ibhizinisi kodwa ngaphezu kwakho konke sehlukene.
“Siyekile ukulandelana kuzo zonke izinkundla zokuxhumana ngasekupheleni kuka-2022.
“Sihlukane ngokusemthethweni ezinyangeni eziyisithupha ezedlule,” kucacisa yena.
AbeTshisaLIVE baxhumane naye uGogo Skhotheni ukuze aphawule kodwa wathi akafuni ukukhuluma ngalolu daba “okwamanje”.
Ngesikhathi kudlala uhlelo obelubukisa ngempilo yakhe kwiMoja Love, uGogo Skhotheni wasusa umsindo ezinkundleni zokuxhumana.
Lokhu kwakulandela ukudalula kwakhe ukuthi usethathe umyeni wesibili ngemuva kokuba amadlozi emyalele ukuthi enze lokho.
UGogo Skhotheni wathi nakuba ewuthanda umqondo wokuba nabantu abangaphezulu koyedwa, umyeni wakhe akahambisani nawo.
UGogo Skhotheni uye waphumela obala ngemimoya nemikhuba yase-Afrika, kanti phambilini wake wakuveza ukuthi wyidlisa indoda yakhe.
Wathi lokhu wakwenzela ukuthi uthando lwabo luqine futhi izwe ngaye ukuze ingamhluphi.
“Kwadingeka (ngimfake idliso) ngoba wayenalento yakhe yesikhwele.
“Kwadingeka ngimpholise ukuze aqonde ukuthi namanje ngisawashayela ucingo (amanye amadoda) …
FUNDA NALA: Umunyu uLorch evalelisa kwiPirates, ubonga uthando
“Okunye futhi kumele bazwane ngakho ngeke ngikwenze lokho ngingasebenzisanga umuthi ekupheleni,” washo kanje.
Lesi simemezelo sakhe sokuthi akasashadile futhi akaqomile sikhuthaze izesheli ukuthi zivele obala zizibike.