Umunyu uLorch evalelisa kwiPirates, ubonga uthando
UThembinkosi Lorch uphenduke undabamlonyeni ngesikhathi eshiya isigubhukane kwi-Orlando Pirates eya kwiMamelodi Sundowns ngoLwesihlanu.
Ushiye abalandeli be-Orlando Pirates bekhala ngokuthi badayisekile njengoba ebeyithemba labo uma esenkundleni.
ULorch ubenza izinto zenzeke esiswini kwiBucs. Nokho usebhale incwadi evalelisa kuleli qembu abesehlale kulo iminyaka engaphezu kwemihlanu.
“Ngidlulisa ukubonga okukhulu kusihlalo, uDkt Irvin Khoza, ngokunginika ithuba lokudlalela iqembu elinomlando ongaka nokungeseka ngezikhathi ezinzima empilweni yami.
“Ngibonga umqeqeshi uJose Riveiro ngokukholelwa kwakhe kimina,” kubhala uThembinkosi Lorch kwi-Instagram ngoMgqibelo.
“Abaqeqeshi bakudala nabamanje nabasebenzi beqembu, ithimba lonke labaphathi, nozakwethu ngazo zonke izinkumbulo esizakhe ndawonye.
“Okubaluleke kakhulu ukuthi ngibonge kumaBhakabhaka anothando abe wumthombo wami wogqozi.
“Ukwethembeka kwenu nokuseseka kwenu okungaphezi kulwenze lwamndani uhambo lwami neqembu…”
Ube eseveza ukuthi manje umqondo wakhe sewugcxile ekutheni asebenze ngendlela efanayo naseqenjini lakhe elisha.
“Ngisibheke ngabomvu lesi sahluko esilandelayo somsebenzi wami kwiMamelodi Sundowns.
“Futhi ngizokwenza konke okusemandleni ukweseka ozakwethu futhi ngifake isandla empumelelweni yeqembu.
OLUNYE UDABA: Kuvela okwenze iChiefs ingasayini muntu ngoJanuwari
“Ngibonga usihlalo weMamelodi Sundowns, ithimba labaphathi, umqeqeshi uRulani (Mokwena), nethimba lakhe ngokungethemba ukuthi ngijoyine leli qembu elihlonishwayo.”