Afcon 2024Ezintsha

Baqathakisa okwezimpukane abaqeqeshi kwi-Afcon

IGhana seyimkhombe indlela obengumqeqeshi wayo, uChris Houghton, kulandela ukuphuma kweqembu ekuseni kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023.

IBlack Stars ivule imidlalo ye-Afcon ngokushaywa yiCape Verde ngo 2-1. Ayibange iselulama kulesi simbambamba.

Ibambane ne-Egypt ngo 2-2, yase iphoxeka ekugcineni ibanjwa yiMozambique ngo 2-2 kungafanele.

Ngomzuzu ka-90 iGhana ibihamba phambili ngo 2-0 ibhekene neMozambique.

Nokho kushintshe konke ngokushesha idedela amagoli amabili esikhathini ebesengezwe unompempe.

Ukuphela komdlalo ngo 2-2 bekusho ukuthi kumele iqoqe amasakana ayo ibuyele ekhaya, ingawinanga nowodwa umdlalo.

Akumangazanga ukuxoshwa kukaChris Houghton kodwa abanye bagxeka abadlali bayo iBlack Stars ngokuzithwala.

Abadlali abangabezwa kakhulu abalandeli, yizelamani u-Andre Ayew noJordan Ayew.

Khonamanjalo umqeqeshi we-Algeria, uDjamel Belmadi, kulindeleke ukuthi esule eqenjini lesizwe.

Naye lo mqeqeshi ube neshwa lokuthi iqembu lakhe liphume ekuseni kwi-Afcon ka-2023.

I-Algeria, esibe ngompetha be-Afcon kabili, ishaywe yiMauritania ngo 1-0 emdlalweni wokugcina wamaqoqo, kwaphela kanjalo ngokudlulela kwiLast 16.

Umqeqeshi weGambia, uTom Saintfiet, naye ukhethe ukushiya eqenjini.

Akungabazeki ukuthi bakhona abanye abaqeqeshi abasazolandela, baxoshwe noma bazishiyele. Ngeke kumangaze uma nowe-Ivory Coast egcina ehambile.