Afcon 2024Ezintsha

Emilio Nsue: Isimanga sesitobha esiqhulula amagoli kwi-Afcon

Unekhono elingandile u-Emilio Nsue we-Equitorial Guinea, osezakhele igama kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, e-Ivory Coast.

Lo mdlali oneminyaka engu-34 usebeke phakathi amagoli amahlanu emidlalweni emithathu yamaqoqo ye-Afcon.

Lokhu kumenza umdlali oseshaye amagoli amaningi kunabo emidlalweni emithathu yamaqoqo ye-Afcon, kusukela ngo-1970.

Okumenza ahluke ukuthi uNsue eqenjini lakhe laseSpain, iCF Intercity, udlala njengesitobha. Udlala kwesokudla emuva.

Nokho eqenjini lakhe lesizwe, i-Equitorial Guinea, udlala njengomgadli. 

Akalibheki ke ipali njengoba eseqabulise inethi amagoli amahlanu.

U-Emilio Nsue ushaye amagoli amabili ngesikhathi iqembu lakhe lesizwe linenebula osokhaya i-Ivory Coast ngo 4-0 emdlalweni wokugcina wamaqoqo, ngoMsombuluko.

Lo mdlali usekhombisile ukuthi akabhenywa yena, futhi maningi amagoli asazowashaya uma bemthatha kancane.

Ukuwina kwe-Equatorial Guinea kwenze ukuthi uMengameli wezwe wakhona, uTeodoro Obiang Nguema Mbatsogo, amemezele ukuthi uLwesibili yiholide.

Lokhu ukwenzele ukuthi kubhiyozelwe ukuwina ngo 4-0 kweqembu lesizwe libhekene ne-Ivory Coast, eshaya ngabadlali abahlonishwaya, kanti ingosokhaya be-Afcon ka-2023.

I-Equitorial Guinea idlulele esigabeni esilandelayo se-Afcon. 

Ngasohlangothini lwe-Ivory Coast isalinde imidlalo yamanye amaqoqo ukuze ibone ukuthi iyaya yini kwiLast 16. Nokho amathuba ayo mancane kakhulu.