UHugo Broos usola uRulani ngokumsebenzisa kabi kwiBafana
UHugo Broos useveze ukuthi ‘uNkulunkulu’ onguRulani Mokwena, yi-Orlando Pirates nePremier Soccer League (PSL), bawenze walukhuni kanjani umsebenzi wakhe kwiBafana Bafana.
“Sengizame amahlandla amane ukuba nomhlangano nabo bonke abaqeqeshi bePremier Soccer League kodwa lokho yakuziba iligi,” kusho uBroos kwiMTNFootball.
“Iligi ayizange iyidlulisele emaqenjini ncwadi yami yesicelo somhlangano.
“Kumele ukuthi uyazi ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kweligi nenhlangano eyengamele ibhola (Safa).
“Ngenxa yalokho ngavinjwa ukuthi ngingene e-Orlando Stadium kwaze kwaba izikhawu ezintathu. Awuyicabange nje into enjalo?
“Umqeqeshi weSundowns unguMourinho walapha. Usewine izindebe eziningi, uzenza uNkulunkulu, futhi wonke umuntu ulalela lokhu akushoyo.
“Wangigxeka ngoba abadlali bakhe ababili babuya belimele kade beseqenjini lesizwe,” kusho lo mqeqeshi.
“Kodwa ngesinye isikhathi yena wayenabadlali abangu-11 ababelimele. Isizathu sisobala: abadlali banemidlalo eminingi.
“Ngethemba ukuthi abadlali bami bazobe bengakhathele ngaphambi kwe-Afcon.
“Ngiyazi vele ukuthi uma sehluleka ngizoba nenkinga enkulu. Nokho angikhathazekile.”
UHugo Broos, ongowokuzalwa eBelgium, uthe ngenxa yokuthi kudala zazimnetha, ezinye izinto azisamkhathazi emoyeni.
“Kule minyaka engikuyona sengafunda ukuqina. Engikushoyo ukuthi kuyisimangaliso kwakhona ukuthi sikwazile ukungena (kwi-Afcon).”
IBafana izodlala umdlalo wayo wokuqala kwi-Afcon neMali ngoLwesibili ebusuku.
Eqoqweni ekulona kukhona neNamibia kanjalo neTunisia. UHugo Broos uyazi kumele enze kahle kulo mqhudelwano, ngale kwalokho…
“Uma singakwazanga ukudlula emzuliswaneni wamaqoqo, okungenzeka wukuthi ngizithole sengigxekwa kakhulu.
“Angazi ke noma inhlangano eyengamele ibhola izokwazi yini ukuziba ingcindezi (yokuthi ingixoshe).
OLUNYE UDABA: UKadodia wangibambisa udonga, kusho uHeric
“Kodwa ukukhuluma iqiniso nje, angisenendaba kakhulu nalokho njengamanje,” kusho uHugo Broos.