Igcokama lisola izikhulu zomasipala ngokubafuna ucansi
Usaziwayo ongumculi kamaskandi useveze izinsolo ezishaqisayo zokuthi kunezimenenja zomasipala ezibacela ucansi ukuze zixhase imicimbi yabo.
UMthandeni Manqele, owaziwa ngeGcokama Elisha emculweni kamaskandi, ukhiphe lezi zinsolo kwividiyo ayiphanyeke ezinkundleni zokuxhumana muva nje.
Ubekhala ngokuthi ingoma yakhe esihloko sithi “iParis” ayizange iqokwe njengengoma yonyaka emsakazweni Ukhozi FM.
UManqele uthe akasoze enze owakhe umcimbi omkhulu ngoba amagigi alolu hlobo adinga uxhaso lukamasipala ukuze abe yimpumelelo.
“Kunabaphathi bakamasipala abafuna ukulala nathi singabaculi ngaphambi kokuthi bagunyaze ukuxhaswa kwemicimbi nokukhokhelwa kwethu.
“Uzothola owesilisa ekucela ukuthi umvakashele ehhotela elithile eMhlanga eThekwini ukuze ezolala nawe ngaphambi kokuvumela ukuxhaswa komcimbi wakho.
“Yingakho ngingeke mina ngiphinde ngenze noma yimuphi umcimbi (omkhulu) empilweni yami ngoba angikwazi ukulala nenye indoda.”
Ingoma kaManqele ethi “iParis”, engazange iphume indawo yokuqala emqhudelwaneni waminyaka yonke weNgoma Yonyaka, ingene endaweni yesibili.
Ingoma eyahamba phambili futhi yahlukanisa unyaka Okhozini kwaba “Umjolo Lowo” kaKhuzani owahlanganisa amavoti angu-993 667.
OLUNYE UDABA: UNelisiwe Sibiya ucikeke wafa ehlulwa uKing Nuba
Kweminye imisakazo ingoma edlalwe kakhulu ethi “Iplan” kaDlala Thukzin.