AbalingisiEzintsha

UNelisiwe Sibiya ucikeke wafa ehlulwa uKing Nuba 

Kusuke isiphithiphithi emcimbini weSouth African Traditional Music Achievement Awards (Satma) ngempelasonto umlingisi uNelisiwe Sibiya elwa nabahleli bomcimbi. 

Lo mcimbi ubuseDurban Christian Jesus Dome Centre ngoLwesihlanu ebusuku.

Ngaphambi kokuthi kumenyezelwe indondo yeBest Traditional Social Media Influencer, iSunday World ibika ukuthi ibone umlingisi woMkhokha, uNelisiwe Sibiya, elwisa omunye wabahleli balo mcimbi uPhumlani Zwane.

Bekusobala ukuthi ubesezwile ukuthi ngeke ayinuke kwakuyinuka le ndondo njengoba beyizohamba noKing Nuba nje.

UNelisiwe ucasulwe ukuthi uhlulwe umuntu angamboni edume kangako, futhi ubuze ukuthi uKing Nuba umfice nini ngamavoti ngoba ubehamba phambili yena. 

Lo mlingisi ubemile kwelokuthi ezinsukwini ezimbili ngaphambi komcimbi bekunguye ogabavula phambili ngamavoti.

UKIng Nuba ngusomahlaya obuye azenze samculi kaMaskandi odabuka oGwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natal. 

Kubonakale sengathi uNelisiwe akakwamukeli ukuthi umlingisi ofana naye, oseke walingisa indawo kaDkt Mali kuDurban Gen, angahlulwa ngamavoti.

Lo mklomelo uvotelwa ngamalungu omphakathi.

Ngesikhathi ehlasela labo abasesigcawini, usole abahleli ngokumvalela ngaphandle. 

“Lokhu akunangqondo futhi akukholakali! Kanjani uKing Nuba ehamba phambili ngamavoti kunami. 

“Kumele kube nokungafihli lutho kukho konke lokhu,” kuzwakala lo mlingisi ethethisa abahleli abebemangele.

Abagqugquzeli bebezama ngayo yonke indlela ukuyichazela le ntokazi ukuthi uhlelo lokuvota lsebenza kanjani.

Ngemuva kwalesi sigameko, uNelisiwe uphume ngesamagundane emcimbini wezindondo, eshiya kusaqhutshekwa nohlelo. 

Ngaphandle kwalesi sigemegeme, le miklomelo yaminyaka yonke ihambe kahle. 

Phakathi kosaziwayo ababonwe kubalwa umculi uZulu Boy, imbongi uJesicca Mbangeni, owayengumengameli waseBotswana uSir Seretse Khama nomlingisi woZalo uFanele Ntuli.