AbalingisiEzintsha

Uthuke unina esanganiswa yindodakazi uSiyabonga Shibe

Umlingisi uSiyabonga Shibe uselaxaze umndeni wakhe ngoba nakhu esehlangane ‘nendodakazi’ adukelana nayo kudala. 

Okuxakayo ke wukuthi le ndodakazi yakhe esimdubise ikhaya yake yazama inhlanhla nakhu-Ayanda Ncwane ngemuva kokushona kukaSifiso Ncwane, ithi iyingane yakhe. 

UShibe, odlala kwiSibongile & The Dlaminis njengamanje, kuthiwa utshele unina nabafowabo ukuthi akasafuni nokubabona. 

Inkinga kuthiwa iqale ngesikhathi ingane ingena empilweni yayo yathi iyindodakazi yayo yalahleka kudala. 

Umfowabo kaShibe, uNathi Shibe utshele iZiMoja ​​ukuthi uSiyabonga akasamthengeli unina ukudla.

“Asiqondi ukuthi uSiyabonga ufike kanjani kulesi simo. Umfowethu useyekile ukuthengela umama igrosa.”

Inkinga isuswe wukuthi bazame ukumkhuza ngale ndodakazi yakhe esimhlanyisa, bethi akaqaphele kungabe uyaqoleka. 

“Utshele umama ebunzini ukuthi akamfuni. Besizama ukumxwayisa ngale ndodakazi okuthiwa indodakazi yakhe kodwa wanquma ukusinqamula,” kusho uNathi.

Wengeze ngokuthi uSiyabonga useze wadayisa izimoto zakhe ezimbili nomuzi obuseRidgeway, eningizimu yeGoli, ukuze abonise uthando lwakhe kule ndodakazi yakhe asanda kuyithola.

“Asiyazi leyo ndodakazi. Yaqala yathi iyingane kaSifiso Ncwane manje ithi iyindodakazi kaSiya. 

“Asimazi futhi asifuni ukuba yingxenye yempilo yakhe njengoba ethatha umfowethu wamphendula into esingayazi.

“Kumanje  uSiyabonga wathuka umama, wamtshela ukuthi akamfuni emngcwabeni wakhe uma kwenzeka eshona.

“USiyabonga akasavakashi ekhaya futhi usesivale kuzo zonke izinombolo zakhe ukuze singakwazi ukumthola. 

“Uze washintsha nefoni wathenga istototo (ucingo olungahlakaniphile) kuyilapho indodakazi yakhe asanda kuyithola ine-iPhone 14,” kuqhuba uNathi.

Ngokusho komthombo, ozakwabo bakhathazekile ngoba usehlezi ecela o-R10 ukuze athole ugwayi.