UNurkovic usabuhlungu ngendlela amchithwa ngayo kwiChiefs
USamir Norkovic ukholwa ukuthi u-Arthur Zwane wamxosha kwiKaizer Chiefs singekho isidingo ngoba wayesazolisiza leli qembu.
UNurkovic, odabuka eSerbia uchithwe yiChiefs ekuqaleni kwesizini edlule, kanti usola ukuthi uZwane owayengayizwa indaba yakhe.
Wakusho ke uZwane ethatha umsebenzi wokucija iChiefs ngesizini edlule ukuthi ubengeneme ngendlela iqembu ebese lidlala ngayo.
Wathi nohlobo lwabadlali abalandwayo akulona elifanelekile kwazise abakwazi ukudlala ibhola ngendlela ‘yeKaizer Chiefs’.
“Ngangiyisize kakhulu iKaizer Chiefs ngokuyishayela amagoli,” usho kanje uNurkovic osedlala kwiTS Galaxy ekhuluma neMpempe.
Ubehambe naleli qembu ngesikhathi liyobhekana naMaZulu FC emdlalweni weCarling Knockout eThekwini ngempelasonto.
Nokho yena ubengekho eqenjini elishiye kukhalwa eThekwini, liguqisa Usuthu ngo 3-2 ukuzibekisela indawo kowamanqamu ozoba ngoDisemba 16.
“Kwathi uma ngabe kuba nezinguquko eqenjini, kuhamba uStuart Baxter kuthatha uZwane, yaqala impilo yaba nzima eqenjini.
“Wagcina ngokuthi abhalele abaphathi uhla lwabadlali abangadingi, nami ngaba ngomunye walabo badlali abachitha.
“Ngemuva kwalapho kwadingeka ukuthi ngishaye isishwaphana sami ngihambe, umsebenzi washesha waqhamuka kodwa kwiRoyal AM…
“Mina ngingumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu, ukuthi bengihlushwa ukulimala ngaphambilini.
“Ngibonga umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic ngokunginika ithuba nokukholelwa kimina.
“Abadlali engidlala nabo kwiTS Galaxy ngabadlali abazinikelayo njengoba ubona ukuthi sidlala ngokubambisana akekho umdlali ongcono kunomunye.”
UNurkovic, ongakaze anqobe ndebe selokhu afika kuleli, unethemba lokuliqeda leloshobolo ngeCarling Knockout.
“Ngicabanga ukuthi le ndebe yeCarling Knockout Cup sizoyinqoba. Iqiniso ukuthi sinesibalo esincane sabadlali.
“Kodwa umsebenzi kulula kakhulu ukuwuqonda ngoba wonke umdlali uyakwazi akuqashelwe, ocasha ngomunye.
FUNDA NALA: UKoumantarakis wacikwa imali eyafunwa ethenga AmaZulu
“Ngibona ukuthi nomqeqeshi esinaye unolwazi olunzulu kakhulu yize yena esemncane ebholeni elikhokhelayo.”