UKoumantarakis wacikwa imali eyafunwa ethenga AmaZulu
Unkonko olwalungumgadli weManning Rangers, uGeorge Koumantarakis naye usephumele obala ngokuthi wake wazama ukuthenga iqembu lePSL.
Ngeviki elidlule sibike ukuthi uBryce Moon, owayedlala kwiBafana Bafana nakwiMamelodi Sundowns, wake wazama ukuthenga iMaritzburg United.
UMoon uthi wachithwa ngoba abaphathi befuna imali eningi nokuthi abambisane nabo ukuphatha leli qembu, kodwa babuye babuya kuye sebefuna kuxoxiswane futhi.
Kodwa lapho kube sekunqaba yena ngoba ethi iqembu lase livele libonakala lisenkingeni ngaleso sikhathi.
UKoumantarakis, owagijima naphesheya kwezilwandle kwiFC Basel yaseSwitzerland naye useveze ukuthi yena wachithwa efuna AmaZulu FC.
Ngaleso sikhathi leli qembu lalisengaphansi kobuholi bukaPatrick Sokhela kanti yena wafika no-R70 million, kodwa bafuna ephindwe kabili kuleyo.
UKoumantarakis uthi wayezowathenga ngokuhlanganyela neFC Basel okusho ukuthi kwakuzoba nobudlelwano naleli qembu lwaseSwitzerland.
Lokhu kwakuzovulela abadlali boSuthu amasango okuyodlala eSwitzerland, bese bekwazi nokudlulela kwamanye amaligi amakhulu e-Europe.
“Kuyiqiniso ukuthi ngazama ukufunda AmaZulu ngokuhlanganyela neFC Basel,” usho kanje uKoumantarakis ekhuluma noRobert Marawa muva nje.
“(Abaphathi baMaZulu)Babefuna u-R250 million, mina ngangino-R70 million. Zafa kanjalo-ke izingxoxo zokuthengiselana,” kuchaza le nkakha yeBafana.
UKoumantarakis ukhale nangesifo abaningi asebevele bakhale ngaso ngabadlali baluleli muva nje sokuthi abafuni ukuya phesheya.
“Abadlali balapha sebeyadembesela manje. Abasenendaba kangako ngokuya e-Europe. Baneme ngemali abayihola khona lapha ekhaya.
OLUNYE UDABA: Alicaci ikusasa likaMarou kwiPirates, uMakaab ufuna ashiye
“Bajatshuliswa ukuba wofishi abakhulu edanyini elincane,” kuchaza uKoumantarakis osesebenza ngamabhizinisi manje.