UPebetse weSkeem Saam waze wafisa ukufa ehlushwa yindoda
Umlingisi weSkeem Saam, uPebetse Matlaila uvuleleke ngempilo yakhe, echaza nangesikhathi acishe wafa ngesikhathi ekhuluma nabeGamechangers Podcast.
Le ntokazi iveze ukuthi beyishadile kodwa yathola seyiphakathi ukuthi indoda yibhoklolo elihlukumeza abesifazane.
UPebetse uthi kodwa umbona lo mlisa obengumyeni wakhe ungamphikela ukuthi kukhonna okubi ake akwenze.
“Uma engangena kulowa mnyango, ngeke uze ukholwe ukuthi nguye lo muntu engikhuluma ngaye. Uzithobile,” kusho yena.
Umshado wakhe ube ngowezinyanga eziyisishiyagalolunye nje kuphela. Uthi wayezibona izimpawu zokuthi kukhona okushaya amanzi ngalo mlisa, kodwa waziziba.
“Ngokusemthethweni sibe semshadweni izinyanga eziyisishiyagalolunye. Kodwa ngaphambi kwalokho besizwana sisajola izinyanga ezintathu.
“Ngeshwa lami, bengizibona izimpawu singakashadi. Ubenenkinga yokuphuza ngokweqile.”
UPebetse, odlala indawo kaMokgadi kulo mdlalo weSABC 1, uthi kuthe uma esebona ukuthi isimo siya ngokuba simbi, washiya phansi yize ayekhulelwe ngaleso sikhathi.
Uthi lokhu kwamenza wangenwa umzwangedwa kwazise ubengasebenzi ngalesi sikhathi, esencike kunina.
“Impilo yami yayimahlikihliki ngendlela engaqondakali. Ngiyakhumbula ngize ngicabanga ukuthi mhlawumbe kungaba ngcono ngithole indlela engenasihluku yokubulala abantwana bese ngizibulala nami.
“Ngangibona lokho kungabakhipha kulolu sizi esasibhekene nalo. Ngangizibona ngiyimoshe kakhulu impilo yami, kungasekho engingakuphilela.
“Ngiyakhumbula nje ngitshela nomeluleki wengqondo owayengisiza ukuthi ngiyasaba ukuthi ngingase ngenze into embi ezinganeni zami ngoba nakhu sengimoshe impilo yami.”
UPebetse uthi wake ‘‘washona” imizuzu emithathu ngesikhathi ebeletha ingane yakhe yokugcina ngenxa yesifo esibizwa i-preeclampsia.
“Ngiyakhumbula kungasaphefumuleki, ngadonsa unesi owaseduze kwami… kwavele kwacima izibani emuva kwalokho.
OLUNYE UDABA: UXaluva uxoshelwe ‘ ukuzazisa’ kwiSmoke & Mirrors
“Ngangingazi ke nokuthi ngangike ngafa mina, ngezwa sengixoxelwa umama ngokwakwenzekile.”