IzindabaIzinhlelo

IMoja LOVE icacisa eyokuxoshwa kukaXolani weSizok’thola

Kusuke umsindo kulandela ukuthi isiteshi sethelevishini iMoja LOVE simemezele ukuxoshwa kukaXolani Khumalo obethula uhlelo obeluthandwa iSizok’thola. 

Lesi siteshi simemezele ukunqamuka kobudlelwano baso noKhumalo emasontweni ambalwa edlule. 

Kube nokukhala okukhulu kubabukeli balesi siteshi kwazise ubethandwa ngomsebenzi wakhe. 

Kulolu hlelo lwakhe, uKhumalo ubegasela abenza ubugebengu ikakhulukazi abadayisa izidakamizwa bese ebakhiphisa zona qede abadlulisele emaphoyiseni. 

Nokho uKhumalo waphendula isitatimende seMoja LOVE ngenhlangano yakhe iXolani Khumalo Foundation ethi akakaze aziswe ngesinqumo sokunqanyulwa kwenkontileka yakhe.

IMoja LOVE isiveze isizathu esiholele ekunqanyulweni kwenkontileka kaKhumalo. 

Lesi siteshi sithi sinqume ukumkhulula ngoba ehluleke wukuchaza ngokubandakanyeka kwakhe ezenzweni ezingafanele. 

Lokhu kwakulandela ukuboshwa kwakhe ngemuva kokuthi omunye wabasolwa ababemphenya ngokudayisa izidakamizwa agcina eshonile. 

Kusolwa ukuthi bathi ukumthinta kancane befuna akhiphe izidakamizwa, kodwa kwagcian ethinteke kabana, washona. 

EZINYE IZINDABA: Kubuya uMaMzobe kuMkhokha, uncengiwe umlingisi

Icala lakhe ngalesi sigameko lisaqhubeka enkantolo. Okhulumela lesi siteshi uNonzwakazi Cekete uthe: “Kube sobala ukuthi ubudlelwano besiteshi noMnu. Khumalo buqgabukile ngemuva kokungazwani ezintweni ezithile.”