AbalingisiIzinhlelo

Kubuya uMaMzobe kuMkhokha, uncengiwe umlingisi

Abalandeli bomdlalo wethelevishini ongomunye wehamba phambili kuleli, uMkhokha: The Curse, bazojabula ukuzwa ukuthi kubuya umlingisi ongaconsi phansi kulo mdlalo. 

Kuvela izindaba zokuthi uyabuya uMaMzobe, okuyindawo edalla ngumlingisi osemkantshubomvu, Deli Malinga. 

Ukubuya kwakhe akungabazeki ukuthi kuzobajabulisa abalandeli balo mdlalo. 

UMaMzobe yinkalakatha engezwa mshini futhi nguye umlingiswa ohamba phambili kusukela lo mdlalo waqala. 

Ukungabi khona kwakhe eziqeshini zakamuva kumangaze abalandeli, kwasusa namahlebezi okuthi usexoshiwe. 

Ngokubika kweZiMoja,  kube ngabaphathi besiteshi okukhonjiswa kuso lo mdlalo, iMzansi Magic abaphoqe ukuba abuyiswe uMaMzobe. 

Okhulumela iM-Net, uNomsa Piliso ukuqinisekisile ukuthi babe nazo izingxoxo nalo mlingisi ngenhloso yokuthi abuye. 

“Sixoxile naye kodwa okwamanje asinaso isiqiniseko sokuthi unqume ukwenza njani,” kusho uNomsa ngokucashunwa kulo mbiko. 

UDeli Malinga uyidlale sengathi yayivele idalelwe yona le ndawo futhi akubonakali ekhona ongafike ayithathe ayenze kangcono kunaye. 

“Uzakhele abalandeli ngenxa yendlela anekhono ngayo, nangendlela avele wayenza yamfanela ngayo le ndawo abeyidlala,” kucashunwe umthombo osondelene nabenza lo mdlalo usho kanje. 

EZINYE IZINDABA: Bamfuna ephumile emoyeni uZimiphi ozakwabo

Kuvela ukuthi obekumenze washiya wukungavumelani nabaphathi balo mdlalo ngenkokhelo kanti manje njengoba sekuxoxwe kabusha, cishe uzobuya.